Zulu

1. Kuzophinda kwenzeke futhi?
Uma uke waba ne ectopic pregnancy, amathuba ayakhula ukuthi iphinde yenzeke futhi. Akhula ngo 10%. Phakathi kwabo bonke abesifazane amathuba angu 1-2%. Noma kunjalo, kubalulekile ukugcizelela ukuthi asemahle amathuba okukhulelwa ngokujwayelekile. Aphakathi kuka 50% no 80%.

2. Angakanani amathuba okukhulelwa ngokujwayelekile?
Aphakathi kuka 50% no 80%. Uma ukhulelwe nge IVF amathuba okukhulelwa okujwayelekile ayancipha kancane, ngoba kuleloqoqo labantu besifazane amathuba e ectopic pregnancy akhula ngokuphindwe kane. Uma sekuqinisekisile ukuthi umntwana usesibelethweni, emva kwezinyanga eziyishumi nantathu, amathuba okumthwala kuze kuphelele isikhathi, nawokubeletha kahle, ayafana nawabangakaze babe ne ectopic pregnancy. Asikho isidingo sokuphindelela ukubona udokotela, kaningi kunabanye, ngenxa yokuthi wake waba ne ectopic pregnancy ngesikhathi esadlula.

3. Kuzophela nini ukopha?
Ukopha emva kwe ectopic pregnancy yinto evamile ukwenzeka. Kubangwa ukuphuma kontwantwasi lwangaphathi esibelethweni. Kuthatha isikhathi esilingana nesokuya esikhathini, kodwa kungenzeka sibe side kunaleso. Uma ucabanga ukuthi wopha ngokweqile bona udokotela.

4. Ngingazama nini ukukhulelwa futhi?
Alukho ucwaningo olukhombisa ukuthi ukushesha uzame ukukhulelwa futhi kukhulisa amathuba okuba nenye i ectopic pregnancy. Uma uke welashwa ngamaphilisi i methotrexate uyalulekwa ukulinda izinyanga ezinthathu. Lokhu kungoba leliphilisi lingakhubaza umntwana kulesosikhathi sokuqala kwakhe ukukhula. Ngakho uyalulekwa ukusebenzisa izivimbanzalo kulezonyanga ezintathu.

5. Ngatshelwa udokotela ukuthi ungenze i salpingostomy. Iyini?
Uma benza i salpingostomy benza imbobo ethunjini lesibeletho, bakhiphe ukukhulelwa okusethunjini lesibeletho. Leyombobo iyazipholela. Ngaleyondlela alikho ithumbu lesibeletho elikhishwayo. I salpingostomy iye yenziwe uma elinye ithumbu lesibeletho lingekho normal

6. Ngesikhathi ngenziwa i operation ithumbu lesibeletho lesobunxele lasuswa lonke. Amathuba ami okukhulelwa ngokujwayelekile abezokhula ukuba bekukhishwe ingxenye yalo kuphela na?
Ucwaningo lukhombisa ukuthi awukho umehluko emathubeni okukhulelwa ngokujwayelekile uma kususwe ingxenye noma lonke ithumbu lesibeletho.

7. Ngoba i ectopic yachitheka, udokotela kwadingeka enze i operation kune keyhole surgery. Ngabe lokho kuyawanciphisa amathuba okukhulelwa futhi?
I laparoscopic (noma i keyhole) surgery yinhle ngoba inxeba lincane, kanti futhi asibi khona isidingo sokuhlala esibhedlela isikhathi eside emva kwayo. Ungabuyela masinya futhi emsebenzini. Awukho umehluko phakathi kwe laparoscopic surgery ne open surgery emathubeni okubuye ukhulelwe futhi.

8. Ngizobuye ngiye nini esikhathini futhi?
Uma bewuya esikhathini ngokujwayelekile ungakakhulelwa uzobuye uye futhi ngokujwayelekile emva kwamaviki amane kuya kwayisithupha. Uma ubungayi ngokujwayelekile, kungenzeka ungabuyeli esikhathini ngalesosikhathi. Uma ubuhlela ukukhulelwa futhi, ungakabuyeli ukuya esikhathini emva kwalawomaviki, kuzofanela ubone udokotela wakho.

9. Ngenzenjani uma ngi rhesus negative?
Uma ukhulelwe okokuqala kufanele uthole umjovo we antiD zingakapheli izinsuku ezintathu emva kokwelashwa kwe ectopic pregnancy. Uma ungayazi i blood group yakho, kufanele ubone udokotela wakho. I blood group iyenziwa njalo uma utholakala une ectopic pregnancy.

10. Kukhona engingakwenza ukuvimbela enye i ectopic pregnancy
Akukho ongakwenza ukuvimbela i ectopic pregnancy. Awukho umuthi noma amaphilisi angayivimbela, noma ukususwa kama tubes esibeletho sakho. Okungcono ongakwenza ukusebenzisa izivimbelanzalo ukuze ungakhulelwa. Noma usebenzise ikhondoma. Uma ucabanga ukuthi une ifection xhumana nodokotela wakho masinyane ukuze akwelaphe. Uma ukhulelwa wazi ukuthi kungenzeka ube ne ectopic pregnancy futhi. Kubalulekile ukuthi uma yenzeka yelashwe masisha.

11. Ngingasebenzisa i IUCD?
Kulungile ukusebenzisa i IUCD uma uke waba ne ectopic pregnancy. Zombili i copper coil ne Mirena ziphephile. Azibangi inkinga ye ectopic pregnancy. Kodwa uma kwenzeka i coil ingasebenzi, ukhulelwa, amathuba e ectopic pregnancy ayakhula kancane.

12. Ngingasebenzisa amaphilisi i mini pill?
Ungayisebenzisa i mini pill emva kwe ectopic pregnancy. Uma isetshenziswe ngendlela, ingakuvimbela ukukhulelwa. Kodwa uma kungenzeka ukhohlwe ukuwaphuza amathuba okuvimbela ukukhulelwa ayancipha. Ukusebenzisa i mini pill akukhulisi amathuba e ectopic pregnancy.

13. Umntwana wami olandelayo kungenzeka akhubazeke?
Ukuba ne ectopic pregnancy akukhulisi amathuba okuthola umntwana okhubazekile ngezikhathi ezilandelayo. Uma uke welashwa nge methotrexate kufanele ulinde izinyanga okungenani ezintathu kande uzame ukukhulelwa futhi. Uma kwenzeka ukhulelwa kungakadluli izinyanga ezintathu emva kokuphuza i methotrexate, udokotela wakho uzokudlulisela kudokotela wabesifazane ukuyohlolwa. Ungabuza kudokotela wabesifazane ukuthi yikuphi ukuhlolwa okwenziwayo, nokuthi uzodinga ukwelashwa kanjani.

14. Ngenzenjani uma i pregnancy test ithi ngikhulelwe
Kubalulekile ukuyobona udokotela engakadluli amaviki amahlanu. Uzokudlulisela esibhedlela ukuyokwenza isithombe se ultrasound. Uma umntwana esesibelethweni kulungile. Uma umntwana engabonakali esibelethweni bazokunika usuku lokuphinda ubuye esibhedlela ukuzohlolwa futhi.

15. Kuzofanelwe ngenzelwe i caesarean section?
Amathuba okudinga i caesarean section ayafana nongakaze abe ne ectopic pregnancy. Uma kodwa ukhetha ukwenzelwa i caesarean section, ayakhula amathuba okuba ne ectopic pregnancy ngesikhathi esilandelayo. Lokhu kungoba amathuba e infection ayakhula emva kwe caesarean section kunokubeletha okujwayelekile.